Nomfundo Moh – Bayavuya Lyrics

Nomfundo Moh Bayavuya Lyrics

Ngenza ngenze bese ngyazibuza
“Bavuyil’ abazali na?”
Bavuyile abazali?
Bayavuya? Vuya?
Bayavuya? Vuya?

Sizam imsebenzi
Shlala kude namakhaya
Akukh’ esngakwenzi
Kmele ajabule umama

Uyangithwala
Uyangeseka
Imkhuleko yakhe yona’ iyangihlenga

Ngenza ngenze bese ngyazibuza
“Bavuyil’ abazali na?”
Bavuyile abazali?
Bayavuya? Vuya?
Bayavuya? Vuya?

Ohambweni lwakho mhlobo wam
Ubobuy’ ume
Uqalaze abazali
Ngabe bajabule ngawe?

Ngisho ngoba kulul’ ukuphambuka
Uth’ usahamba ngakho kant uyaduka
Phela imv’ edukile iyafunwa
Njengomelusi umzal’ uyokulusa

Ngenza ngenze bese ngyazibuza
“Bavuyil’ abazali na?”
Bavuyile abazali?
Bayavuya? Vuya?
Bayavuya? Vuya?